Asabisa ngokuteleka amaphoyisa eThekwini

2012-07-18 14:06

Johannesburg - Amaphoyisa kaMasipala waseThekwini asabisa ngokuthi azongena esitelekeni uma kuwukuthi ayixoshwa emsebenzini inhloko yamaphoyisa u-Eugene Nzama, kusho inyunyana i-SA Municipal Workers' Union, ngoLwesithathu.

"Sizobhikisha ngaphandle kwe-City Hall ngoLwesihlanu phakathi kuka-11:00 no-14:00," kusho uNobhala weSamwu esifundazweni uNkosenhle Madlala.

UMadlala uthe inyunyana ibambe umhlangano kwaboniswanwa, uthe ngoLwesihlanu angeke kuze kusetshenzwe.

"Siphezu kwemizamo yokuthola imvume yokubhikisha."

UNzama usolwa ngokungahambisi kahle izinto emsebenzini wakhe, osomatekisi bakhala ngokuthi umsebenzi wabo uyaphazamiseka ngenxa yakho ukungabi nesandla kukaNzama.

UMkhulumeli kamasipala uThabo Mofokeng uthe umasipala ubungakamukeli lutho oluvela ezinyunyaneni.

"Sizolandela lolu daba uma sesithole isikhalazo sezinyunyana."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...