Aqalile amakilasi eDUT

2011-08-10 10:16

Durban - Kulindeleke ukuthi kuqale ukufunda nokufundisa eDurban University of Technology njengoba lesi sikhungo sesivalwe cishe amasonto amabili kulandela imibhikisho enodlame yabafundi, kubika isiteshi somsakazo i-East Coast Radio.

Abaphathi baseDUT bathe sekuthathwe izinyathelo zokuqinisa ezokuphepha ukuze kugwenywe okunye ukuphazamiseka.

Bathi abangabazi ukuthi isilabhasi izoqedwa ngesikhathi kanti futhi nezivivinyo zokuphela konyaka zizobhalwa njengokujwayelekile.

Ngenyanga eyedlule abafundi ababesesitelekeni baphazamisa amakilasi, bacekela phansi impahla basabisa nabafundi ababengeyona ingxenye yesiteleka.

Into ababekhala ngayo kakhulu ukuthola usizo lwezezimali.

Okhulumela inhlangano emele abafundi uMfanafuthi Ngcobo uthe bakwazile ukuxazulula izinkinga eziningi.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone umuntu engozini eKZN

2014-12-22 18:06
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-29°C a few showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 15-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 18-32°C Tstorms late. Morning clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...