Aniyeke phansi uZuma - Mabuza

2012-11-29 16:36

Johannesburg - I-African National Congress, eMpumalanga ithi ayingabazi ukuthi uzobuyela esikhundleni sakhe uMengameli uJacob Zuma, ithi izoqhubeka nokumeseka, kusho uSihlalo weqembu ophinda abe nguNdunankulu wesifundazwe uDavid Mabuza.

"Indaba yobuholi be-ANC isiqediwe ngokubona kwethu. Yekani phansi umengameli wethu," kusho uMabuza, ekhuluma nezithunywa emhlanganweni wesifundazwe wokuphakanyiswa kwamagama obuholi beqembu, eMiddelburg.

UMabuza ucele izithunywa ukuthi ziziphathe ngendlela ngesikhathi senkomfa yaseMangaung.

"Njengoba kunesivuvu nje eqenjini, kumele izithunywa ziqinisekise ukuthi ziziphatha ngendlela, inkomfa ibe ngenempumelelo."

Uthe inkomfa yaseMangaung kumele ibhekane nezingqinamba ezikhona ngaphakathi ku-ANC.

"Siyavumelana noZuma uma ethi kumele iqembu lishintshe uma kubuywa eMangaung. Nakanjani lokho kumele kwenzeke."

IMpumalanga iphakamise igama likaZuma, elikaCyril Ramaphosa, uNobhala Jikelele uGwede Mantashe kanye noSihlalo uBaleka Mbethe.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesejele uPistorius

2014-10-21 18:25
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...