Angixhumi ekukhulelweni kwabafundi - Motshekga

2012-11-08 12:01

Johannesburg - UNgqongqoshe wezoMnyango wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga uthi ukukhulelwa kwezingane zisekole nothisha abafika bephuzile esikoleni akuyona inkinga yoMnyango wakhe, kubika iSowetan.

Ekhuluma eDe Aar, eNorthern Cape lapho bekuyiswe khona iPhalamende ebantwini, uMotshekga uthe abazali akumele basole uMnyango wakhe ngodaba oseluxakile lokunyuka kwezinga lokukhulelwa kwezingane zesikole.

Uthi lokhu kungenxa yokuthi abafundi abalwenzi ezikoleni ucansi.

"Ukukhulelwa kwabafundi kuyinkinga ethwalwa iyiswe ezikoleni isuka emakhaya nasemiphakathini," kusho uMotshekga.

"Engikwaziyo ukuthi abalwenzeli ezikoleni ucansi, kepha bazitika ngalo emakhaya. Lokhu kuyisihlava esimbi impela njengoba manje sekuyinkinga yami. Asibanikezi abafundi imibhede, kepha sibanika amapeni nezincwadi."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Showery. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...