Angimbonanga uZille egovuza ibhodwe - Sisulu

2014-06-06 10:05

Johannesburg - Ukungabonakali kukaNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille ehholo ekuqube kulo abahlali basemijondolo yaseKapa kuyamangaza, kusho uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uLindiwe Sisulu.

"Ngesikhathi ngihambele lowa mphakathi, bengilindele ukubona undunankulu ephekela umphakathi,” kusho uSisulu etshela abezindaba ePhalamende.

"Angithi usephenduke umpheki omkhulu ngakho bengicabanga ukuthi ngizombona egovuza ibhodwe nalaphayana.”

USisulu ubekhuluma ebhekise esithombeni esavela enkundleni yezokuxhumana uTwitter, sitshengisa uZille egqoke imibala yeDemocratic Alliance kukhankaselwa ukhetho, egovuza ugalaza webhodwe ebonda uphuthu.

Ebuzwa uZille ngokuphawula kukaSisulu, uthe “kuyimizamo yokuzama ukudoja udaba olusezithebeni”.

"Ngeke ngize ngizame nokuyikhuluma leyo nto.”

USisulu uhambele umphakathi waseNomzamo, eStrand, nowakhishwa ngodli emizini yawo kuthiwa wakhe endaweni okumele kwakhiwe kuyo umgwaqo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-34 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...