Angeke simeseke uMalema - ANCYL

2012-11-26 16:44

Johannesburg - Ayikho imibhikisho ehlelwe wuphiko lwentsha ye-African National Congress, njengoba kuzovela ngaphambi kwenkantolo umholi wophiko owaxoshwa uJulius Malema, kusho uphiko ngoMsombuluko.

IHhovisi likaMengameli wophiko obambile uRonald Lamola likhiphe isitatimende lisho ukuthi lixwayiswe kwathiwa lingahleli mlindelo noma mbhikisho yokweseka uMalema.

UMalema kubhekeke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yesiFunda ePolokwane, ngoLwesihlanu, ubhekene namacala okusebenzisa budedengu imali.

Egcina ukuvela enkantolo mhlaka-26 Septemba, wadedelwa ngebheyili.

"Ukuhambela enkantolo okuzokwenziwa ngamalungu e-ANCYL kuzobe nje kungokwabo ngokuthanda kwabo, akuhlangene nophiko,” kusho ihhovisi likaLamola.

“Uphiko aluhlanganise lutho nokuqhubekayo ngoMalema, ngalokho alunakho ukuphawula..”



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-21°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-20°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...