'Angeke bubekezelelwe ubuxhanguxhwangu'

2013-01-08 11:05

Bloemfontein - Imibhikisho eyenziwa yiziboshwa emajele ngeke ibekezelelwe, kusho uNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uSibusiso Ndebele ngoLwesibili.

"Nakuba uMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezimilo uzibophezele ekuphathweni kweziboshwa ngendlela, izenzo zeziboshwa zokubhikisha emajele azamukelekile ngakho kuzobhekwana nazo ngendlela efanele,” kusho yena.

NgoMsombuluko, iziboshwa zaseGroenpunt Correctional Centre eDeneysville, eFree State, zidube ukudla zacekela phansi isikhungo, zashisa izitokisi namahhovisi.

Ngesikhathi kubhikishwa, iziboshwa zihlasele zalimaza ojele cishe abathathu.

Iziboshwa bezikhala ngesimo sokudla ezikutholayo kanye nabanye abasebenzi basejele, zithi zifuna futhi kuxoshwe omunye oyinhloko.

Khonamanjalo ibamaba likakhomishana kuzwelonke uNontsikilelo Jolingana uthe isimo eGroenpunt singaphansi kwesandla.

"Amaphoyisa ayaphenya," usho kanje.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...