Angeke asidlulise isigwebo owabulalisa unina

2012-12-13 12:05

Durban - Owesifazane waseThekwini u-Astrid Tavira olahlwe yicala lokukhanda itulo lokubulala unina, angeke asidlulise isigwebo sakhe seminyaka engu-15, avuka naso eNkantolo yesiFunda khona eThekwini.

UTavira, 20, watholakala enecala lokubulalisa umama wakhe uFreda, 50, owaqala wadlwengulwa yisoka lakhe uWaleed Karriem, 34.

Icala lamlahla ngenyanga kaSeptemba, lona lenziwa ngenyanga ka-Agasti.

UKarriem wagwetshwa udilikajele.

IMantshi uNanette Otto, wanika uTavira iminyaka engu-15, wamlengisela eyisikhombisa.

NgoLwesithathu ummeli kaTavira uTwanette Volskenk, utshele inkantolo ukuthi angeke asasifaka isicelo sokwedlulisa isigwebo, wangakhipha zizathu, kubika iphephandaba iThe Mercury.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 18-29°C a few showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 15-24°C Showers late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-24°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-30°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 19-24°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...