Angazi ngambulalelani - Bester

2012-08-14 14:04

Cape Town - UThabo Bester osedume ngele"Facebook Rapist" uthi akazi ukuthi wambulalelani uzime uNomfundo Tyhulu, kulalele iNkantolo eNkulu eWestern Cape ngoLwesibili.

UBester ugeqe amagula ngoTyhulu, wathi uyena kuphela ongamlahlanga kuhle kwenyongo yenyathi ngesikhathi abantu bemsola ngobugebengu abenza eThekwini.

"Ubengumngani oqotho, bengiwazi ngisho umndeni wakhe. Ubengumuntu onenhliziyo enhle futhi ekholelwa kimi," esho ngesikhathi engene ebhokisini lofakazi kule nkantolo.

UBester, 23, uveze ukuthi wahlangana noTyhulu, 23, eSandton, eGoli ngesikhathi eyothenga imoto kwaBMW ngoJanuwari 2011.

Baqala ukuthandana behlala emadolobheni angafani, kwathi emuva kwezinyanga ezimbili baya eholidini eKapa, nalapho ambulalela khona.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...