Angase aphume esibhedlela uMandela
2012-12-14 08:30
Johannesburg - Kulindeleke ukuthi aphume esibhedlela lowo owayengumengameli uNelson Mandela kulandela ukuchitha isinsuku eziyisithupha esibhedlela esingadalulwanga esisePitoli, ngokusho kombiko ngoLwesihlanu.
I-Eyewitness News ibike ukuthi bekunezinhlelo zokuthi uMandela ayiswe ekhaya lakhe ngoLwesine, kodwa odokotela banquma ukuthi akahlale esibhedlela obunye ubusuku.
Abezindaba bakuleli nabamazwe omhlaba baqhinqe ngaphandle kwe-1 Military Hospital ePitoli kusukela kwaphuma izindaba ngokungeniswa esibhedlela kwalesi sishoshovu somzabalazo ngoMgqibelo.
I-EWN ibike ukuthi uMandela akekho e-1 Military Hospital njengoba esendaweni eyazekayo kubona.
"Siyalazi igama lesibhedlela, kodwa ngeke silikhiphe ngenxa yokuhlonipha isithunzi sikaMadiba," kusho lesi siteshi ku-website yaso.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA