Angase amiswe uDodovu

2013-02-27 12:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezoHulumeni baseKhaya eNorth West, ophinda abe nguSihlalo eqenjini i-African National Congress esifundazweni uChina Dodovu, angase amiswe njengoba ebhekene necala lokwakha itulo lokubulala.

Lokhu kukhishwe ngabezindaba zePretoria News.

UDodovu waboshwa wuphiko loKlebe ngoMsombuluko, ungumsolwa wesishiyagalombili ukuthi aboshwe ecaleni lokubulawa kwalowo owabe enguNobhala weqembu, esifundeni i-Dr Kenneth Kaunda, u-Aubuti Chika, owabulawa ngonyaka owedlule.

UDodovu uvele ngaphambi kwenkantolo yeManstshi yaseKlerksdorp, ngoLwesibilil, icala lahlehlela uLwesithathu.

UNobhala we-ANC eNorth West uSupra Mahumapelo, uthe kuzodingidwa ngokuboshwa kukaDodovu, uma kuhlangana ikomidi ngoLwesine.

UNdunankulu wesifundazwe uThandi Modise, usevele umemezele ukuthi isikhundla sikaDodovu sizobanjwa nguNgqoqngqoshe woMnyango wezeziMali, uPaul Sebego.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...