'Angaphumelela uRamphele ekuqaleni iqembu'

2013-01-29 12:02
Yabelani Shicilela

Durban - Umhlaziyi wezepolitiki waKwaZulu-Natal uthi ukholwa wukuthi usomabhizinisi oyisifundiswa uMamphela Ramphele, angase aphumelele emizamweni yakhe yokuqala iqembu lezombusazwe, kusho umbiko weNewswatch.

U-Imraan Bachus ukhulume nabezindaba ngemuva kwemibiko ethi uRamphele uhambele eMelika, ukuyozama uxhaso kuze ezokwazi ukuqala iqembu.

URamphele ogogode kwezobudokotela futhi ungusomabhizinisi, wabe ehamba phambili kwezomzabalazo, futhi unezingane ezimbili noSteve Biko, ongasekho.

Phambilini wake waba ngumqondisi weWorld Bank, waphatha nasezinkampanini ezihlanganisa iTransnet ne-Anglo American.

UBachus uthi uRamphele angase angakutholi ukwesekwa okwanele ezweni.

"Akanakho ukwesekwa okuphelele, usekwa kuphela omntakabani, abantu abafundile nabasemazingeni."


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Sekushone 103 ezingozini zePhasika

Emizuzwini eyi-27 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Increasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...