Anamanga amaphoyisa - Umvukuzi owasinda

2013-02-27 14:04

Rustenburg - Umvukuzi owasinda esehlakalweni sokudubula esenzeka emayini yaseLonmin, eMarikana, mhlaka-16 Agasti, utshele iKhomishana kaFarlam ukuthi amaphoyisa akhuluma amanga.

UMzoxolo Magidiwana, 24, unikwe izitatimende eziningi ezehlukene ezabhalwa ngamaphoyisa, nezithi wadutshulwa ngemuva kokuthi edubule ebhekise emaphoyiseni.

UMagidiwana utshelwe ukuthi akaphendule ngalokhu akufunde phansi.

“Umbhedo lowo,” kusho uMagidiwana.

Utshele ikhomishana ukuthi akaze nakanye aphathe isibhamu empilweni yakhe futhi akazi nokuthi sisetshenziswa kanjani.

Ubufakazi bamaphoyisa buthi uMagidiwana wadutshulwa ngoba ephethe isibhamu amaphoyisa ezama ukumphuca, buthi watholakala nesibhamu esiyi-Z88.

Amaphoyisa athi wabekwa icala lokutholakala nesibhamu nezihlamvu okungekho emthethweni.

 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...