Amisiwe amakilasi eDUT

2011-07-22 07:59
Yabelani Shicilela

Durban - Inyuvesi iDurban University of Technology imise wonke amakilasi ngoLwesine kulandela ukuthi abafundi abebebhikisha bephazamisa ukufunda nokufundisa.

“Siwamise wonke amakilasi kulandela ukubhikisha kwamafundi,” kusho okhulumela le nyuvesi u-Alan Khan.

Lesi sinqumo sithathwe emuva kokuthi kusatshiswe abafundi abebengeyona ingxenye yesiteleka kanjalo nabasebenzi, kwaphazanyiswa namakilasi ophikweni iSteve Biko neML Sultan ngoLwesine.

La bafundi bafuna ukufakelwa amakhondomu nama-pads ezindlini zabo umfundi ngamunye, kodwa le nyuvesi ithi lokho kuzobiza imali eshisiwe.

Bafuna ukuhlinzekwa ngosizo lwezezimali uma benza izifundo zeBachelor of Technology.
 

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-17°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...