Amazwi enduduzo ngokudlula kukaGwen Gill

2011-08-25 12:37

Johannesburg - Ingqalabutho kwezobuntatheli nowayephinde abe ngumbhali weSunday Times uGwen Gill kubikwa ukuthi ushone ngoLwesithatu ebusuku.

UGill, obesegule isikhathi eside, ushone eneminyaka engu-75 ubudala, kubika abe Times Online.

Umhleli weSunday Times uRay Hartley utshele abezindaba ze-Eyewitness ukuthi "ubengomunye wababhali abahamba phambili kulesi sizukulwane sababhali".

"Wayelokhu ekhuphuke njalo ngokwezikhundla kuSunday Times. Wayengumpathi wabe esebhala udaba olwalunohlonze kakhulu yilapho engicabanga khona ukuthi wazakhela igama."

Ongumngani wakhe aphinde abambe uhlelo lwezinkulumo uJenny Crwys-Williams  umchaze njengomuntu onohlonze kakhulu.

"Ngicabanga ukuthi ngesikhathi sakhe ubeyiqhawe langempela," kusho uCrwys-Williams.

Amazwi enduduzo aqale ukutheleka kuTwitter ngemuva kokumenyezelwa ngokufa kwakhe.

Umhleli weCity Press uFerial Haffajee uthe: "iqhawe kuze kube sekugcineni. Sibeka amapeni namhlanje ukuzila."

Ongumcwaningi wezobuchwepheshe u-Arthur Goldstuck naye umchaze "njengentatheli ebeyiqhawe".

UGill waqala ukusebenza njengonobhala wabahleli kuSunday Times ngo-1971 kusuka lapho yayeseba yintatheli enohlonze, wawina indondo ngomsebenzi wakhe ekuqaleni kuka-1990.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C Showers early. Morning clouds. Hot.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Showers early. Partly cloudy. Mild. PE: 18-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...