'Amaselula adala udlame ePollsmoor'

2013-01-28 10:03

Cape Town - Indaba yokufakwa kwezinto ezingagunyaziwe ngaphakathi ejele, yiyona edala kuqubuke izimpi eziba nokuchitheka kwegazi ejele iPollsmoor, eKapa.

UKhomishana eMnyangweni wezamaJele esifundazweni uDelekile Klaas, utshele iphephandaba iCape Times wathi kulimale iziboshwa eziyishumi ngesikhathi kuqubuka impi ngesonto eledlule.

"Ukungeniswa kwezidakamizwa nomakhalekhukhwini, ngezinye zezinto ezidala izimpi. Sizama ukuthola ukuthi zingena kanjani," kusho uKlaas.

Impi yokuqala yaqubuka ejele lezingane ngoLwesithathu, kwalimala iziboshwa ezinhlanu, impi yesibili yaqubuka ejele labadala ngakusasa, kwalimala abanye abahlanu.

UKlaas uthi bazama ukuthola ukuthi abekho yini ojele abasebenzisana neziboshwa ukugila lo mkhuba.

Ngo-Okthoba ngonyaka owedlule, kwaboshwa ujele wakhona ePollsmoor, ngesikhathi ebanjwa ezama ukufaka izidakamizwa ngaphakathi ejele.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Liqhuba ngendlela izwe - Zuma

Emizuzwini eyi-21 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Sunny. Cool. Pta: 17-29°C Showers late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 15-25°C Showers late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...