Amaqembu ezombusazwe awanankinga ne-Agang

2013-02-18 14:04

"Johannesburg - Amaqembu ezombusazwe awatatazelanga nakancane ngokumenyezelwa kweqembu elisha lezombusazwe elethulwe yisishoshovu uMamphela Ramphele, ngoMsombuluko.

"IDemocratic Alliance iyakwamukela ukwethulwa kweqembu likaDokotela uMamphela Ramphele, nokukhuluma kwakhe athi ufuna ukusebenzisana nabantu baseNingizimu Afrika ekwenzweni ngcono izwe,” kusho umkhulumeli weqembu uMmusi Maimane.

"URamphele unemibono nemigomo efanayo naleyo ye-DA, engukuthi abantu abaphathwe ngokulingana kungabhekwa ibala labo kuvikelwe uMthethosisekeleo. Igxathu lakhe liyigxathu eliya phambili ekwenzeni ngcono izwe lethu kwezombusazwe,” kusho uMaimane.

"UHelen Zille ubelokhu ezama ukwenza ngcono isimo sezombusazwe kuleli, kusukela athatha izintambo waba ngumholi weqembu ngo-2007. Sizoqhubeka nokusebenzisana noRamphele,” kuqhuba uMaimane.

Umholi we-United Democratic Movement uBantu Holomisa, naye wamukele isinqumo sikaRamphele.

"Sizosebenzisana noRamphele emizamweni yokwenza ngcono iNingizmu Afrika.

URamphele umemezele ukuqalwa kweqembu elisha, waqeda ukuqagela obese kudonse amasonto, iqembu limenyezelwe eWomen's Gaol, eConstitution Hill, eBraamfontein.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 7-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...