Amaqembu aphikisayo awachazekanga ngekaZuma

2013-02-15 08:35

Cape Town - Amaqembu aphikisayo kuleli athe awachazekanga neze ngenkulumo kaMengameli Jacob Zuma ebibhekiswe esizweni, nayithule ngokuvulwa kwePhalamende ngoLwesine kusihlwa.

Umholi weDemocratic Alliance uHelen Zille uthe uZuma "udlale ngethuba".

"Umengameli ugxile ezintweni ezifanele - imisebenzi, ikakhulukazi ukungasebenzi kwentsha, ezemfundo, ubugebengu, ezempilo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemaphandleni.

"Ukusho konke ebesifuna ukukuzwa, kodwa wangaqhamuka namasu amasha okubhekana nezingqinamba."

Umholi we-African Christian Democratic Party uKenneth Meshoe uthe akukho abuye nakho kule nkulumo.

"Uma ukhuluma ngokuqeda nya ngenkohlakalo kodwa ungasho lutho ngeNkandla, kusobala ukuthi awuzimisele ngokuxazulula izinkinga."

Umengameli weNkatha Freedom Party uMangosuthu Buthelezi uchaze inkulumo kaZuma njengenkulumo "ebithule".




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 1-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-16°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...