Amaqembu ancome imiphumela ka-matric

2013-01-03 07:25

Johannesburg - Amaqembu abantu abasha adlelana namaqembu ezombusazwe, asencome imiphumela kamatikuletsheni yabafundi bangonyaka ka-2012.

Uphiko lwentsha ku-African National Congress e-Eastern Cape naseWestern Cape, luncome ukukhula kwezibalo ngo-3.7%.

"Ukukhula kwezibalo kukhomba ukuthi intsha izimisele ngokwenza ngcono izimpilo zayo, iphumelele ekufezeni iphupho lokulingana ngakwezomnotho," kusho isitatimende se-ANC Youth League.

Yize uphiko lubancomile abafundi, luphinde lwakhalaza luthi izikhungo zemfundo ephakeme azenzi okwanele ukuqinisekisa ukuthi zamukela bonke abafundi abaphumelele umatikuletsheni.

"Sithanda ukukhumbuza uhulumeni ukuthi abeke eqhulwini indaba yokwenza ngcono izikhungo zemfundo ephakeme. Abafundi kumele bacabange nokwenza imisebenzi yamakhono bangagxili kuphela emanyuvesi.

Uphiko lwentsha eqenjini leNkatha, nalo luhalalisele abafundi abaphumelele.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kugqekezwe emzini kaKrejcir

2014-08-20 18:16
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. Decreasing cloudiness. Cool. Pta: 11-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 6-16°C Morning clouds. Refreshingly cool.
Dbn: 17-22°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...