Amaqembu acele ukusizwa yinkantolo ngolukaZuma

2012-11-19 16:31

Cape Town - INkantolo eNkulu eKapa izolalela isicelo esiyisipesheli esifakwe ngamaqembu aphikisayio sokuzama ukuphoqa iPhalamende ukuthi livume kube nenkulumo mpikiswano ngodaba oluthinta uMengameli uJacob Zuma njengoba amaqembu ethi awasenakho ukumethemba.

Isicelo lesi sihanjiswe wumholi weDemocratic Alliance ePhalamende uLindiwe Mazibuko, ethunywe ngamanye amaqembu aphikisayo.

Amaqembu afuna kubanjwe inkulumo mpikiswano mayelana nokuthi kuvotwe kuchithwe uZuma, abathi abasamethembi - amaqembu athi afuna kuthi kuphothulwa unyaka kube kuqediwe ngalolu daba.

Mhlaka-08 Novemba uMazibuko watshela iPhalamende wathi abasamethembi umengameli, wathi ngaphansi kobuholi bakhe izwe libhekane nezinxushunxushu ezihlanganisa ukukhula kwesibalo sabantu abangasebenzi, inkohlakalo kanjalo nokwehla kwezinga lemfundo.

Amaqembu eyisishiyagalombili ahlanganisa i-African Christian Democratic Party, yi-Azanian People's Organisation, iCongress of the People, iFreedom Front Plus, Inkatha Freedom Party, yi-United Christian Democratic Party kanye ne-United Democratic Movement, avuma ngo-elethu lokhu kusho.

Ngesonto eledlule iqembu elibusayo lavimba amaqembu emizamweni yokuthi kudingidwe bese kuvotwa ngalolu daba.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 14-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...