Amaphoyisa ngeke aphawule ngolukaPistorius

2013-02-25 12:04

Johannesburg - Amaphoyisa aseGauteng alile ukuphawula ngemibiko ethi umcwaningi ophezuzlu ophikweni loKlebe, uzobizwa azocwaninga umakhalekhukhwini womsolwa u-Oscar Pistorius, obhekene necala lokubulala intombi yakhe.

"Silindele ukuthi kuqhubeke uphenyo, angeke silokhu sidlulisa umbiko ngophenyo kwabezindaba," kusho uBrigadier Neville Malila.

Abezindaba ze-Eyewitness News babike ngoMsombuluko bathi umcwaningi uzophenyisisa umakhalekhukhwini, achaze nangomlayezo ekuthiwa wangena kumakhalekhukhwini kamufi uReeva Steenkamp, uphuma kowayeyisoka lakhe uFrancois Hougaard.

Imibiko ithi umufi noPistorius balwa bebanga lo mlayezo.

Ngokusho kwabezindaba zeNew Age, uHougaard wathumumela umlayezo ohambisana nesithombe, kuTwitter, ethi: "Izikhathi ezimnandi nabantu ababalulekile. Sonke siyakukhumbula Reeva".

UPistorius ubhekene necala lokudubula abulale intombi yakhe uSteenkamp, okuyicala elenzeka emzini kaPistorius osePitoli, ngosuku lwezithandani.

UPistorius ungaphandle ngebheyili ka-R1 million, icala lizobuyela enkantolo mhlaka-4 Juni.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...