Amaphoyisa azoqhubeka nokuchaza ngeMarikana
2012-11-09 08:18
Johannesburg - Ikhomishana ephenya ngokubulawa kwabavukuzi abangu-34 eLonmin, eMarikana izoqhubeka nokulalela imininingwane yamaphoyisa ngokwaqhubeka ngalolu suku lwezidubedube.
ULieutenant Colonel Duncan Scott ngoLwesine uchazele ikhomishana ngokutshalwa kwamaphoyisa ngo-Agasti 16.
Le khomishana iholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi u-Ian Farlam.
Utshele ikhomishana ukuthi phakathi kwamanye amalungiselelo enziwa yiSouth African Police Service (SAPS) kwakungukuthumela amaphoyisa angu-630 kuleya ndawo.
UScott unikeze imininingwane ngezikhali ezasetshenziswa ngamaphoyisa ngosuku lwezimanga.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA