Amaphoyisa axwayisa abesifazane eMtuba
2012-11-27 08:17
Nothando Ndlovu, The Witness
Durban - Kusolakala ukuthi kudlwengulwe abesifazane abathathu baseMtubatuba ngempelasonto, kwase kuboshwa amadoda amabili ngalezi zigameko.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Jabulani Mdletshe ube esexwayisa abesifazane njengoba kuza isikhathi samaholidi ukuba bahlale bephephile ngaso sonke isikhathi.
“Kunabesifazane abaya ezindaweni zokucima ukoma nasemakilabhini ngoba befuna ukuthengelwa utshwala abantu besilisa.
“Ngemuva kokubathengela utshwala abesilisa babe sebefuna ukulala nabo ngenkani, uma kungukuthi bayanqaba bese beyabadlwengula.
“Siyala abantu, ikakhulukazi abesifazane, ukuba bazithokozise emakhaya njengoba kuza amaholidi, bangabi uvanzi," kusho uMdletshe.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness