Amaphoyisa axwayisa ababhikishi eKZN

2012-10-11 12:02
Yabelani Shicilela

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi asebenza ngokuzikhandla ukuthola abasolwa ngokushisa izimoto esifundazweni kuleli sonto njengoba bekuqhubeka isiteleka, kubika iNewswatch.

Izinkampani zamaloli sezibike ngokucekelwa phansi kwamaloli azo eMariannhill nasogwini olusenyakatho.

Umshayeli weloli waseKapa ngoMsombuluko ubengowokuqala ukushona kulolu dlame lwabashayeli bamaloli abatelekile.

Washaywa ekhanda ngesitini ngesonto eledlule.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Vincent Mdunge, uthi abaseshi baphenya ngezigameko eziningi zodlame oluhlobene nesiteleka.

Muva nje, umshayeli weloli wadutshulwa ehamba emgwaqeni uN3, ngaseCamperdown, ngoLwesibili ebusuku.

UMdunge uxwayise ababhikishi ukuba bangaphuli umthetho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 15-25°C Mostly sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...