Amaphoyisa athungatha abazali bosana olucishe lwadayiswa

2015-10-16 11:32

Johannesburg – Owesifazane osemncane ngokweminyaka kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngecala lokuzama ukushushumbisa umuntu.

Lokhu kulandela ukuthi ezame ukudayisa ingane ku-internet.

Umsolwa, 20, uboshwe ngemuva kophenyo olunzulu lapho elinye lamaphoyisa lizenze ikhasimende elifuna ukuthenga le ngane enezinyanga ezingu-15 ubudala ngo-R5 000 ngemuva kokuvela kwesikhangisi kuGumtree.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele ozame ukudayisa ingane kuGumtree

OwoKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe manje bazama ukuthola abazali bale ngane.

“Sesitholile ukuthi ingane akuyona eyakhe, kumanje sizama ukuthola ukuthi le ngane ngekabani nokuthi bekuyiziphi izinhloso zalo wesifazane.”

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...