Amaphoyisa asekhiphe izingqungqulu kwelika-Oscar

2013-02-22 08:20

Johannesburg -  Ukuqophisana phakathi kwabameli bomsubathi u-Oscar Pistorius noMbuso ekutheni ngabe wayibulala yini intombi yakhe uReeva Steenkamp kuyaqhubeka.

NgoLwesine icala lihlehlisiwe kwathi umphenyi ophezulu uHilton Botha wahoxiswa kuleli cala, njengoba ezongenelwa yithimba elizoholwa ngumphenyi ohamba phambili kuleli, uVinesh Moonoo.

UPistorius usolwa ngokubulala intombi yakhe emzini wakhe osePitoli ngesonto eledlule.

UMshushisi woMbuso uGerrie Nel uthi uthukile naye ngesikhathi ezwa ukuthi uBotha ubhekene namacala okuzama ukubulala.

Leli cala elango-2011, nelagcina ngokuhoxiswa okwesikhashana njengoba kushaywe ingwiji lavuswa.

UKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega ubalule ukuthi ukukhishwa kukaBotha yimizamo yokuqinisa uphenyo, hhayi ukuthi kuzogxilwa emacaleni alengela ekhanda lakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-22°C Morning clouds. Cool. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...