Amaphoyisa angipitshiza 'amazambane' - Isisulu

2013-01-08 09:00

Johannesburg - Isakhamuzi saseSwartruggens, eNorth West, sesiphumele obala sagxeka amaphoyisa esithi asishaya asipitshiza "amazambane" aso, kubika abezindaa zeSowetan.

UMoeti Dibetso uthi wahlukunyezwa ngamaphoyisa, esiteshini sawo eSwartruggens, mhlaka-22 Disemba.

UDibetso nabanye abayisishiyagalolunye abasebenza emayini, kanye nentombi yakhe, babiza amaphoyisa ngesikhathi kuqubuka ingxabano phakathi kwabahlali baselokishini laseBorolelo.

Uthi wabe esethathwa eyiswa esiteshini samaphoyisa wafike washaywa.

"Iphoyisa langikhahlela esifubeni, langipitshiza "amazambane," kusho uDibetso, othi  walala esibhedlela ngemuva kwalokhu kuhlukunyezwa.

Iphoyisa elikhulume nabezindaba lithe kwenzeka iphutha uDibetso wanikwa inombolo yecala ekungasilo elakhe.

"Babemnyakazisa nje bezama ukumethusa. Ngathi uma ngibhekisisa icala abhekene nalo, ngathola ukuthi unikwe inombolo ekungasiyo eyakhe," kusho iphoyisa.

UDibetso usevule icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

Okhulumela amaphoyisa aseSwartruggens uCaptain Jerry Mpapo ukuqinisekisile ukuya kwamaphoyisa emzini kaDibetso, wathi amaphoyia ayaphika ukuthi lona washaywa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...