Amaphoyisa afuna umfana ohlaselwe yizingwenya
2011-03-29 08:21
Mandla Khoza, African Eye
Thohoyandou – Amaphoyisa aseLimpopo asafuna isidumbu sikaMpho Mugwena, 12, obulelwe yingwenya ntambama ngoMgqibelo.
"Lomfana ebeyolanda amanzi emfuleni nabangani ababili. Bekushisa, ngakho bangene emanzini babhukuda. Kulapho ebanjwe yingwenya," kusho okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uLieutenant Colonel Mohale Ramatseba.
Abangane bakhe bafune usizo, kwabizwa abatshuzi bamaphoyisa.
"Ngesikhathi abatshuzi bamaphoyisa ahlole isimo somfula, bathole ukuthi kuyingozi kakhulu njengoba lomfula ebegcwele yizingwenya," kusho uRamatseba.
Uxwayise abomphakathi ukuthi bangangeni emanzini anezingwenya.
- African Eye