Amaphoyisa adubule umsolwa eKZN

2011-12-07 08:09

Johannesburg - Kuboshwe owesilisa osolwa ngokuduna imoto eChatsworth, eThekwini, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Lo wesilisa, 29, uboshwe emuva kokudutshulwa emlenzeni ngamaphoyisa ngesikhathi emjaha, kusho uLieutenant Colonel Vincent Mdunge.

Amaphoyisa ajahe imoto ebiduniwe yohlobo lweMercedes-Benz ebinamadoda amathathu ngaphakathi, nabe esephendula ngenhlamvu.

Le moto ibe isiyama kuBradfield Road abasolwa bazama ukubaleka ngezinyawo.

Kube sekudubuleka oyedwa ababili baphunyuka babaleka.

Lo obanjiwe kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yasePinetown kungekudala ngamacala okuduna imoto nokuzama ukubulala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


 

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C a few showers. Morning clouds. Mild. Pta: 18-24°C Light rain. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-20°C Scattered showers. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 16-25°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...