Amaphoyisa adubule abulala unogada

2012-12-13 07:40
Yabelani Shicilela

Bloemfontein -  Kudutshulwe kwabulawa unogada ebhange eliseBothaville, eFree State, kusho uphiko oluphenya ngamacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate ngoLwesithathu.

Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ngemuva kokuthi amaphoyisa ebikelwe ngezigebengu ebezingaphakathi e-Absa Bank, kusho okhulumela uphiko uMoses Dlamini esitatimendeni.

“Amaphoyisa abe esephuthuma khona ngesikhathi esifanayo nonogada bakwaFidelity.

Onogada namaphoyisa bebehlome ngezibhamu, kwathi unogada exwayiswa ngamaphoyisa ukuba abeke phansi isikhali wangakwenza lokho, ase eyamdubula amaphoyisa.

Amaphoyisa nonogada bangene ngeminyango eyehlukene nokudale ukuthi bangabonani.

"Akukaboshwa muntu, uphenyo luyaqhubeka," esho uDlamini.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 17-24°C Rain late. Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...