Amaphoyisa abulale umsolwa ePinetown

2012-12-14 14:03
Yabelani Shicilela

Durban - Kushone owesilisa kwathi omunye waboshwa kulandela impi yezulu lezandla phakathi kwabo namaphoyisa ePinetown, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

Amadoda amathathu avulele ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni ngesikhathi emisa imoto yabo eyebiwe iVolkswagen Polo ngabo-22:00 ngoLwesine, kusho uColonel Jay Naicker.

Omunye wamadoda udutshulwe washona, omunye waboshwa kwathi owesithathu wabaleka.

Amaphoyisa athole isibhamu esingekho emthethweni endaweni yesigameko, nesizoya kohlolwa, kusho uNaicker.

Uthe kutholakale impahla yokwebiwa kule moto.

Kubalwa ithelevishini, i-DVD player, izimpahla zokugqoka nokunye.

Kusolakala ukuthi lezi zimpahla zebiwe ngesikhathi kugqekezwa umuzi eMlazi khona ngoLwesine ebusuku.

UNaicker uthe oboshiwe uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngamacala okuzama ukubulala, ukugqekeza nokutholakala nesibhamu esingagunyaziwe,


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...