Amaphoyisa abulale umsolwa ePMB

2013-02-04 07:48

Pietermaritzburg - Owesilisa obesolwa ngokuba yisigebengu udutshulwe washona ngesikhathi kunempi yezulu lezandla nabakwasidlodlo eHilton, eMgungundlovu, ngeSonto ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Joey Jeevan uthe amaphoyisa eK-9 Unit abizwe ukuba ayolekelela onogada ababophe indoda etholakale namathuluzi okugqekeza imizi kuGroene­kloof Road.

“Athe esampheka ngemibuzo, amaphoyisa abona iveni ihamba kulo mgwaqo ingawakhanyisile amalambu ase eyayijaha," kusho uJeevan.

Athe la madoda ahamba ngemoto ebona amaphoyisa amisa imoto acela empunzini.

“Kuthe kusenjalo omunye umsolwa wadubula ebhekise emaphoyiseni, nawo aphindisela kwashona oyedwa."

Amaphoyisa abe esethola ukuthi imoto yabasolwa okuyiFord Sierra emhlophe, beyebiwe ku-Alexandra Road ngoLwesithathu olwedlule.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 18-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...