Amaphoyisa abulale umsolwa eKZN

2012-11-15 14:03

Durban - Owesilisa obefunelwa uxhaxha lwamacala udutshulwe washona ngamaphoyisa endaweni yaseSonkontshe, eHammarsdale, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesine.

UColonel Vincent Mdunge uthe amaphoyisa ahambe ayobheka uZama Vilakazi ngoLwesithathu njengoba ebefunelwa amacala evile ku-20, okubalwa ukubulala, ukugqekeza amabhizinisi nemizi kanjalo nokuzama ukubulala.

"Amaphoyisa abesazama ukuthola kubo ngesikhathi embona emi namadoda amabili angaziwa."

Amaphoyisa abe eseqonda ngqo kubona.

La madoda amabili abe esedla phansi, ngesikhathi uVilakazi ehosha isibhamu edubula amaphoyisa.

Kube sekuqubuka impi yezulu lezandla, uVilakazi wasala enkundleni, kwatholakala kuyena isibhamu esingekho emthethweni.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C High level clouds. Mild. Pta: 13-30°C Showers late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 9-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...