Kudlwengulwe omunye ogula ngekhanda

2012-04-23 16:38

Johannesburg - Owesifazane kanjalo nentombazana esencane bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseProtea mayelana necala lokudlwengulwa komfana oneminyaka engu-17 ubudala ophazamisekile ekhanda.

"Abasolwa ababili bavele ngaphambi kwenkantolo, icala lihlehliselwe umhlaka 2 Meyi," kusho uWarrant Officer Kay Makhubela.

Abasolwa baneminyaka ephakathi kuka-17 no-18 ubudala.

Umsolwa omdala ukhishwe ngebheyili ka-R1000. Umsolwa osemncane udedelwe esandleni sabazali.

Abasolwa baboshwe eSoweto emuva kokufunwa isikhathi esingangesonto.

"Ngemuva kokudlwengulwa komfana ugogo wakhe wabikela amaphoyisa kwase kuvulwa icala."

Inhlangano iYoung Communist League of SA, ithi lesi senzo siyathukuthelisa.

"Kumele nakanjani umthetho udlale indima yawo, zigwetshwe kanzima lezi zikhohlakali," kusho umkhulumeli weYCLSA uMangaliso Khonza.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...