Amanani ezitimela avuna abampofu - Umbiko
2012-03-27 14:04
Johannesburg - IPhini likaNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha uJeremy Cronin uthi uMnyango uzobamba umhlangano ophuthumayo nabakwaMetrorail, ukudingida ngamanani ezitimela, kubika i-Eyewitness News ngoLwesibili.
UMetrorail, wamemezela ukuthi uzokwenyusa amanani ezitimela ngamaphesenti angu-24 uma kuqala inyanga ka-Ephreli.
UCronin uthi bazama ukuthola ukuthi angeke yini amanani ehliswe.
“Simangele sathuka ngalesi simemezelo. Sithola imibiko eyehlukene”.
Inkampani ithi ukulinyazwa kwempahla kanjalo nezindleko zangaphakathi yikona okunomthelela ekwenyukeni kakhulu kwamanani.
Okhulumela iMetrorail u-Eddie Chinnapin, uthi kubalulekile ukuthi kwenyuswe amanani okugibela.
“Uma ubheka izinga ekwenyuka ngalo impahla, siyaphoqeka ukuthi senyuse amanani."
UChinnapin uthi inkampani yenza konke okusemandleni ukunikeza abagibeli izitimela ezisezingeni.
Amanani ezitimela ahlelwe ngendlela yokuthi avune abantu abahlwempu, kusho iPassenger Rail Agency of SA (Prasa) ngoLwesibili.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News 24