Amakhebuli ebiwe abeya eKorea
2011-11-10 10:40
Cape Town - Amaphoyisa athi iziqukathi ezimbili ezazinamakhebuli omthofu kanye ne-aluminium zashaqwa echwebeni eTable Harbour ngoLwesithathu zibheke eKorea.
Ngemuva kokuthola lezi ziqukathi echwebeni lemikhumbi, amaphoyisa athola ukuthi awase-Epping Scrap Metal, kusho ukapteni uFC Van Wyk.
"Ngemuva kophenyo, kwavela ukuthi lezi zintambo kungaba ngezakwa-Eskom, Telkom, Vodacom, Metrorail, City of Cape Town kanye nezinye izinkampani ezisebenzisa izintambo zomthofu," esho.
Eyodwa yeziqukathi ibiphethe intambo yabakwaTelkom enesisindo esingu-167 kilograms, nekhonjwe ngobemele abakwaTelkom.
Ngesikhathi umsebenzi wase-Epping Scrap Metals ephonswa imibuzo, uthe owesilisa wase-Asia udayisele le femu umthofu ngo-R8 000.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA