Amakhaza akhiphe izidumbu kuleli
2012-07-16 07:55
Johannesburg - Kushone abantu abayisihlanu ngesikhathi likhithika kuleli nobekuhambisana nezimvula kwezinye izingxenye zaleli lizwe ngempelasonto.
IFree State, Eastern Cape neWestern Cape yizona zifundazwe ezishayeke kakhulu.
Izikhukhula nokunqamuka kukagesi bekubikwa ngapha nangapha, abashayeli bezimoto basala dengwane kwathi izakhamuzi zakhishwa emizini.
NaseLesotho kudingeke ukuba kutakulwe abathile.
Okhulumela amaphoyisa e-Eastern
Cape uCaptain Mzukisi Fatyela uthe owesilisa, 69, nowesifazane,
44, bagodole baze bashona eMqanduli naseMthatha njengoba betholakale beyizigingqane emgwaqeni ngeSonto ekuseni.
Abanye bagwilize ePort Elizabeth, kubika izindaba zomsakazo weSABC.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA