Amabhange axwayise i-ANC
2012-12-11 08:32
Johannesburg - Amabhange asexwayise i-African National Congress athi kumele iqaphela umphumela wemigomo yeqembu ezophasiswa enkomfeni enkulukazi eMangaung.
Isikhulu kwaBanking Association of SA, uCas Coovadia, uthi imiqomo ezothathwa yiqembu enkomfeni ngesonto elizayo, ingase ibe nomphumela ongemuhle emabhange, kubika iBusiness Day.
"Uma kwenzeka abaholi be-ANC bethatha izinqumo ezingezinhle ngezimayini, umhlaba nezolimo, lokho kungaba nomphumela ongeke ube muhle emabhange,” kusho uCoovadia.
Inhloko yemigomo ye-ANC u-Enoch Godongwana, uthe uyavumelana nokusho kukaCoovadia, wathi ibaluleke kakhulu indaba yemigomo.
"Njengawo amabhange siyalithanda leli lizwe, izinqumo ezizothathwa kumele kube yizinqumo ezizolenza izwe elingcono.”
“Esikwalayo ukuthi abantu basishayele umthetho ekutheni sithathe ziphi izinqumo.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).