Amabandla awasebenze nohulumeni

2012-04-19 16:41

Durban - Ibandla linendima ebalulekile ekumele liyidlale ukulungisa isimo sezwe sibe ngesingcono, kusho uMengameli wezwe UJacob Zuma, ngesikhathi ekhuluma eThekwini evakashele ebandleni i-Emmanuel Cathedral Church.

"Ibandla kumele libe yingxenye yomphakathi, lixhumane nanohulumeni kuze lizoqinisekisa ukuthi izinto zenziwa negndlela kukhuliswe izwe," kukhuluma uZuma.

UZuma uthi ubandlululo yilo oludale ukuthikwande udlane, uthi ngaleso sikhathi, iqembu i-ANC ibisebenzisana kakhulu namabandla ukubheka ukuthi isimo singaguqulwa kanjani.

"Izwe lidinga imikhuleko kanjalo nezibusiso. Enye yezinto i-ANC eziqhayisa ngazo ukuthi inhlangano yasungulwa esontweni eMangaung. Abaningi abantu ngaphakathi eqenjini bangabantwana bakaNkulunkulu."

UZuma, ubekhuluma kanjena ethula inkulumoyokuhlonipha uMbhishobhi uDennis Hurley eSt Paul's Anglican Church. UHurley, washona eneminyaka engu- 88 ngenyanga kaFebhuwari ngonyaka ka- 2008


"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kutholwe isidumbu sowesifazane sinqunu

Emizuzwini eyi-4 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-22°C Morning clouds. Cool. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...