Amabandla awangamkhulumisi uMalema
2012-04-09 11:01
Johannesburg - Iqembu i-African Christian Democratic Party, seligxeke amabandla ngokukhulumisa uMengameli wophiko lwentsha ye-ANC omisiwe uJulius Malema, obekhuluma nabazalwane ngesikhathi kuqhubeka izinkonzo zePhasika, kubika i-Eyewitnes News.
UMalema utshele abazalwane eButterworth, e-Eastern Cape, wathi angeke aze avume ukuvalwa umlomo, ucele abazalwane ukuthi bamkhulekise.
Lokhu kwenzeke ezinsukwini ezimbili iqembu elibusayo i-ANC imemezele ukuthi angazihlanganisi nakancane nezinto ezithinta iqembu.
UMholi we-ACDP uKenneth Meshoe, uthi ukuqhubeka kukaMalema enze izinkulumo kungase kudale uqhekeko.
“Kuwubudedengu ukuthi amabandla avumele uMalema ukuthi enze izinkulumo zombusazwe ngaphakathi emabandleni,” kuchaza uMeshoe.
UNobhala jikelele we-ANC uGwede Mantashe uthe uMalema akaphulanga imigomo abekelwe yona uma ekhuluma ezinkonzweni.
UMalema uphinde wamiswa ngoLwesibili, iqembu limsola ngokukhuluma esidlangalaleni athi uMengameli uJacob Zuma, ungundlovu kayiphikiswa.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi
lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News 24