Amabandla abhalele uZuma incwadi
2012-12-11 08:32
Johannesburg - Abaholi bamabandla sebebhalele uMengameli uJacob
Zuma, bemxwayisa bethi umphakathi usuqala ukulahlekelwa yizimilo kakhulu, kusho umbiko ngoLwesibili.
Iphephandaba iThe Star libike lathi incwadi iveza ukukhathazeka, iphinde ithi izwe lisengalungiseka.
Le ncwadi isayinwe ngu-Archbishop Thabo Makgoba, weChurch Leaders Consultation, kube nguBishop Joe Seoka, weSA Council of
Churches, uReverend Moss Ntla, we-Evangelical Alliance of SA, noReverand Edwin
Arrison, weKairos Southern Africa.
"Abahlali bafuna ushintsho olungcono. Bakhathele yinkohlakalo eqhubeka kwezombusazwe, emabhizinisini nakwezinye izinhlaka ezisebenzela umphakathi," kusho incwadi.
Incwadi ihanjiswe nakwabanye abaholi bamaqembu ezombusazwe, abahlanganisa umholi weDemocratic Alliance, uHelen Zille.
IHhovisi likaMengameli likuqinisekisile ukuthi liyamukele incwadi.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).