Alukho uqhekeko ku-ANC - Gigaba

2012-11-13 12:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ukuphambana kwemibono akusilo uphawu loqhekeko eqenjini elibusayo i-African National Congress, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezamaBhizinisi oMphakathi uMalusi Gigaba, ngoLwesibili.

"Alukho uqhekeko olukhona eqenjini...ukungaziphathi kahle kwamalungu akusilo uphawu olungasetshenziswa kuthiwe lukhomba uqhekeko."

"Amahlongandlebe afanelwe wumgqomo kadoti kanti ukuphambana kwemibono yinto nje eyejwayelekile futhi ekhombisa ukuthi umbutho uyaphila...kuphambana nje imibono kulabo abakholwa wukuthi kunabathize abangenza kangcono nalabo abathokozela abavele bakhona kwamanje," kuchaza uGigaba.

Ungqongqoshe uthi ukholwa wukuthi ukushuba kwemimoya nokuphambana kwemibono kuzosiza iqembu ekutheni lizinze bese libhekana nezingqinamba ezikhona ngaphakathi.

UGigaba uthe indaba yobuholi be-ANC iwuhlelo lwentando yeningi, wathi uyakuthokozela ukuba yingxenye yeqembu, uthi akukhathaleki ukuthi ufakwe kusiphi isikhundla.

Ngenyanga ezayo, iqembu lizobamba ukhukhulelangoqo womhlangano wokuqokwa kobuholi, eMangaung.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 12-21°C Showers early. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-21°C Broken clouds. Mild.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...