Alikho icala elivulwe nguPistorius - OKlebe

2012-11-21 12:03

Johannesburg - Alikho icala elivulwe ngumsubathi ogijima ngezinyawo eziyinsimbi zokufakelwa u-Oscar Pistorius, kusho uphiko loKwebe ngoLwesithathu.

"UPistorius alikho icala alivulile kithi," kusho okhulumela uphiko uCaptain Paul Ramaloko.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi uke wabhekana nezingqinamba ezithile wase exhumana nophiko egatsheni eliseGoli, konke kube sekulungiswa.”

URamaloko usho kanjena ephendula umbiko wephephandaba iThe Star, elibike lathi lo mgijimi uvulelwe icala lokwehlisa isithunzi, ngemuva kokuthi naye uPistorius evule icala lokwesabisa, alivulele owabe engumdlali webhola uMarc Batchelor.

Iphephendaba labika ukuthi ngesikhathi uPistorius ebuya emdlalweni wama-Olympic eLondon, ngenyanga kaSepthemba, wafica intombi yakhe isijola nomngani kaBatchelor, ongusozigidi uQuinton van der Burgh.

Lona wakhuluma noVan der Burgh wase emthuka, kusho umthombo owatshela iphephandaba.

Kuthiwa uBatchelor wezwa ngalokhu wase exabana noPistorius.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C Showers early. Morning clouds. Hot.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Showers early. Partly cloudy. Mild. PE: 18-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...