Alenziwe isiikumbuzo igquma laseMakikana -Seoka

2012-11-23 14:04

Rustenburg - Igquma laseMarikana la kwadutshulelwa khona abavukuzi abangu-34 mhlaka-16 Agasti, bedutshulwa ngamaphoyisa, kumele lenziwe indawo yesikhumbuzo, kusho umengameli weSA Council of Churches umbhishobhi uJohannes Seoka.

Ngesikhathi ephetha ubufakazi bakhe ngaphambi kweKhomishana kaFarlam, umbhishobhi uSeoka ucele ikhomishana ukuthi yenze isiphakamiso sokuthi leli gquma ekwabulawelwa kulo abavukuzi lenziwe indawo yesikhumbuzo.

"Ngokwesiko labantu base-Afrika, kunenkolelo yokuthi le ndawo isiyindawo eyehlukile kuna le eyabe iyiyo phambili. Baningi kakhulu abantu abashonela kuyo, kunemiphefumulo ekusakholakala ukuthi ikhona kule ndawo," kusho uSeoka.

"Uma lokhu kuphumelela kuyoba yingxenye yokuthoba abanxeba alaba abalahlekelwa ngabathandiweyo babo. Inhlekelele yaseMarikana kumele idale izisombululo zokwenza iNingizimu Afrika izwe elingcono."

USeoka ube esecela ukuthi ikhomishana izothe kukhunjulwe abantu abangu-44 abashona eMarikana.

"Angikhumbuli ukuthi sake sabahlonipha laba abashona, ngiyacela siphakame sigebise amakhanda sithi ukubakhumbula," esho.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C a few showers. Afternoon clouds. Warm. PE: 15-20°C Passing showers. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...