Akwaziwa usinde kanjani obehlezi nezinkabi

2012-10-29 10:03

Durban - Uchithe imizuzu engu-30, uNomonde Dlamini ehleli nabesilisa ababili bezama ukumncenga ukuthi omunye wabo uyamthanda ufuna bajole, kanti bathunyele ukuba bazomsoconga.

Kodwa inkukhu yawusola umgqakazo kuDlamini, njengoba laba babethengwe ukuba bambulale bezokhokhelwa u-R5 000.

U-R1 000 basebewutholile vele, ingxenye yawo abayisebenzisela ukukhokhela izidlo neziphuzo, eyayisele yayizokhokhwa uma umsebenzi usuphothuliwe.

UDlamini wayemazi umuntu owayemhlelela ukuba abulawe - ingoduso kamfowabo - isizathu ukuthi abazali bakhe bashiya ifa labo kuyena nomfowabo, okuyimoto nendlu.

Ngebhadi-ke ingoduso kamfowabo yabe ingazimisele ngokuba babelane ngamafa.

Imizamo yokuqala yokuqeda ngempilo yalo mfundi owenza unyaka wesibili ezifundweni ze-Financial Management yenziwa ngasekuqaleni kwenyanga.

Ingoduso yazama ukunxusa lowo osiza ekwenzeni imisebenzi yasendlini ukuba afake ushevu ekudleni kwakhe.

Kodwa, isisebenzi sanqaba ukuba yingxenye yaleli tulo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kwesule isikhulu se-IEC esikhundleni

Emizuzwini eyi-34 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Mild. Pta: 16-29°C a few showers. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Mild. PE: 19-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...