Akwaziwa ukuthi bangakanani abathwalwayo eKZN

2012-11-16 16:28

Johannesburg - ImiNyango kahulumeni waKwaZulu-Natal ayinazo izibalo zamantombazane abeyizisulu zesiko lokuthwala (okungukuthumba nokuganisa ngenkani amantombazane), kusho ikhomishana iCommission for Gender Equality (CGE).

"Akulula ukusho ukuthi kwenzekani ngempela ngoba awukho uMnyango kahulumeni onezibalo zamantombazane athwalwayo," kusho uSihlalo wekhomishana uMfanozelwe Shozi.

Ikhomishana ibambe inkulumo mpikiswano ngodaba lokuthwala, eThekwini, kuvele ukuthi akukho okubhalwe phansi okuphikisa isiko lokuthwala njengoba umthetho uqula kuphela amacala okushaya, ukuthumba nokudlwengula.

Umkhuba wokuthwala wande kakhulu ezindaweni ezifana nakoBergville naseMzimkhulu.

INational Prosecuting Authority kanjalo namaphoyisa nawo awanazo izibalo zabesifazane asebeke bathwalwa, nokho ihhovisi likandunakulu kanjalo noMnyango wezeMfundo banazo izinhlelo ezibhekene nesiko lokuthwala.

Inkosi uThemba Mavundla uthe lokhu kungumkhuba oyisiko nowejwayelekile kodwa osuthanda ukungcolisa yizigilamkhuba.

"Singabantu baseNingizimu Afrika sinamasiko anhlobonhlobo, intando yeningi akumele isenze sikhohlwe ngamasiko nokuthi singobani," kusho uMavundla.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-25°C Scattered showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-22°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-30°C Afternoon clouds. Warm. PE: 18-23°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...