Akwandiswe amajele - IFP

2013-01-10 13:02

Johannesburg - Umbhikisho owenzeke ejele laseGroenpunt kulelisonto ukhombisa ukuthi kunesidingo sokwandiswa kwamajele, kusho iNkatha Freedom Party, ngoLwesine.

Onogada bahlulekile ukulawula isimo ngenxa yesibalo esiphezulu seziboshwa, eFree State, kusho okhulumela ezokuhlunyeleliswa kwezimilo eqenjini le-IFP, uVelaphi Ndlovu.

"Ukugcwala kakhulu kweziboshwa kudala izimo ezingalawuleki ezifuze lesi...

"I-IFP icela uNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uSibusiso Ndebele ukuba afake isicelo sokuba babelwe imali ukuze bakhe amanye amajele," usho kanje.

Iziboshwa eGroenpunt ziqale ngokuduba ukudla ngoMsombuluko, ngaphambi kokuba zishise izitokisi, zilimaze onogada abane. Kulimale iziboshwa ezibalelwa ku-50 ngesikhathi amaphoyisa engena ngaphakathi ukuzomisa umbhikisho.

Iziboshwa zikhale ngokudla ezikudlayo kanye nangabanye abasebenzi, zithi zifuna kuxoshwe oyinhloko kuleyandawo.

Izindaba zomsakazo weSABC zibike ukuthi amanye amafayela eziboshwa ashile ngesikhathi kunomlilo, ngaleyondlela ukukhululwa kweziboshwa kungase kubambezeleke.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...