Akuyekwe phansi amaphoyisa - DA

2012-07-03 16:41

Cape Town - Iqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance lithi lizolwa kuphuke izandla liphikisa i-African National Congress emizamweni yokuqeda amaphoyisa kamasipala ekuthiwa azofakwa ngaphansi kwamaSA Police Service.

"I-DA izokwenza konke ukuvimba lesi siphakamiso se-ANC," kusho ilungu le-DA ePhalamende uDianne Kohler Barnard.

Ngesikhathi kuqhubeka inkomfa ye nqubo migomo ye-ANC iqembu liphinde lagcizelela ukuthi kumele amaphoyisa kamasipala afalwe ngaphansi kwama-SAPS.

"Sizosiphikisa kuze kube sekugcineni isiphakamiso se-ANC, ukufakwa kwala maphoyisa ngaphansi kwama-SAPS kuzoqhubeza izinxushunxushu ama-SAPS ahlulekayo ukubhekana nazo," echaza.

UKohler Barnard uthe ukuhlanganiswa kwalezi zinhlaka kuzonqinda amandla amaphoyisa kamasipala okulwa nobugebengu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-13°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool. Pta: 9-14°C Showery. Morning clouds. Cool.
Jhb: 6-10°C Passing showers. Broken clouds. Cool. Bloem: 0-10°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Dbn: 12-19°C Showery. Partly sunny. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...