Akuvikelwe izintatheli - Sanef
2013-01-18 16:11
Johannesburg - Abezindaba bayazinikela emsebenzini abasuke bewenza futhi bawenze ngokufanelekile, ngalokhu kumele bavikeleke ekuhlukumezekeni nasekugxambukeleni, kusho abeSA National
Editors' Forum (Sanef).
Inhlangano yabahleli igxeke isehlakalo esenzeke eJele iGroenpunt Prison, eBloemfontein, la khona izintatheli zithole ukuhlukunyezwa ziboshwa.
"Izintatheli zithe izikhulu zasejele azigcinanga ngokucisha izithombe ebeziqoshiwe, kodwa ziphinde zazishaya."
Abezindaba bathwebule ojele beshaya kanzima isiboshwa.
Ukucishwa kwezithombe kungenye yezindlela zokuzama ukuqeda ubufakazi, kusho iSanef.
"ISanef ishaqekile ngokuhlukunyezwa kwezintatheli ebezimenywe ukuthi zizocoshela ukuhambela ejele kwezikhulu zePhalamende. Ekugcineni zizungezwe ngojele ebebehlomile baziphoqa ukuthi ziphume ezimotweni, zase zihlukunyezwa."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).