Akutshalwe amaphoyisa eKapa - IFP

2012-10-11 16:50

Cape Town - Kumele kuhanjiswe isibalo esiningi samaphoyisa ezindaweni ezihlaselwe ubugebengu eKapa, kusho iqembu iNkatha Freedom Party, ngoLwesine.

Umkhulumeli weqembu uVelaphi Ndlovu uthi nsuku kwasa kubikwa ngokugqekeza nokugwazwa kwabantu ezindaweni ezifana naseKhayelitsha naseCape Flats.

Abahlali kuthiwa basabela izimpilo zabo kanjalo nezabantwana, imvamisa ababa yizisulu zodlame lwamaqembu ezigelekeqe.

"Kumele uNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Mthethwa athumele amaphoyisa amaningi ezindaweni ezihlaselwe ubugebengu.

Umphakathi usuphelelwe ukuwethemba amaphoyisa, asikho isixazululo esikhona.”

I-IFP ithe umphakathi nawo kumele ube nendima ozoyidlala ekuzameni ukusebenzisana namaphoyisa, iqembu lithi kumele abahlali babe nezimpempe abazozishaya uma bebona ubugebengu kuze kuzohlabeka umkhosi.

UZweli Mnisi okhulumela ungqongqoshe, akatholakalanga ukuthi aphawule ngalolu daba.
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...